IDutheronomi 4

4
Inkulumo KaMose Isaqhubeka (4)
1 “Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona. 2 Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
3 “Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori. 4Kodwa nina enanamathela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nisaphila nonke nanamuhla.
5 “Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle. 6 Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’ 7 Yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoba enjalo uSimakade uNkulunkulu wethu noma yinini lapho simbiza, na? 8 Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezehlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?
9 “Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi, 10 lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’
11 “Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama. 12USimakade wakhuluma kini ephakathi emlilweni; nezwa izwi likhuluma, kodwa anibonanga simo, nezwa izwi kuphela. 13 Wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisigcine, imiyalelo elishumi ayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe. 14 USimakade wangiyala ngaleso sikhathi ukuba nginifundise izimiso nezehlulelo ukuze nizigcine ezweni enizongena kulo ukulidla.
15“Qaphelani kakhulu, lokhu ningabonanga simo ngalolo lusuku lapho uSimakade ekhuluma nani eHorebhe, ephakathi komlilo. 16 Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane, 17 umfanekiso wesilwane esisemhlabeni, noma wenyoni enamaphiko endiza emkhathini, 18noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba; 19 hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu. 20 Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.
21 “USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho. 22 Kepha mina sengizakufa kuleli lizwe, angizukuliwela iJordani, kodwa nina nizoliwela, nilidle leli lizwe elihle. 23 Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo. 24 Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.
25 “Kuyothi lapho sewuzele abantwana, nabo bazala ababo, senihlale isikhathi eside ezweni, bese nona, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise, 26 ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa. 27 USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona. 28 Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli. 29 Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu. 30 Ekuhluphekeni kwakho, lapho wehlelwa yizo zonke lezo zinto, uyophendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe. 31 USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho.
32 “Ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo abantu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, ukuthi kukhona yini okufana nale nto engaka okwake kwenzeka, futhi kukhona yini okwake kwezwakala okufana nakho na? 33 Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na? 34 Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?
35 “Wena wakuboniswa lokho ukuze wazi ukuthi uSimakade unguNkulunkulu, akekho omunye ngaphandle kwakhe. 36 Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo. 37 Ngenxa yokuba ebathanda okhokho bakho, wazikhetha izizukulwane zabo emva kwakho; wakukhipha Yena uqobo eGibhithe ngamandla akhe amakhulu, 38 waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, ukuze akungenise, akunike izwe lazo, libe yifa lakho njengoba kunjalo nanamuhla.
39 “Yazi namuhla, ukufake enhliziyweni yakho ukuthi uSimakade unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akekho omunye. 40 Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”
Ukwehlukaniswa Kwemizi Emithathu Yokuphephela
41 UMose wehlukanisa imizi emithathu phesheya kweJordani ngasempumalanga 42ukuba umbulali abalekele khona, obulala umakhelwane wakhe engahlosile, ebekade engamzondi, uyophila uma ebalekela komunye waleyo mizi: 43iBhezeri elisehlane ezweni eliyithafa libe ngelabakwaRubeni, iRamothi ekwaGileyadi ibe ngeyabakwaGadi, neGolanu eseBhashani ibe ngeyabakwaManase. 44Yiwo lo umthetho uMose awubeka phambi kwabantu bakwa-Israyeli, 45yibo lobu ubufakazi, izimiso, nezehlulelo uMose akukhuluma kubantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe, 46 phesheya kweJordani esigodini maqondana neBhethi Pheyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, owanqotshwa nguMose nabantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe. 47 Balidla izwe lakhe, badla nelika-Ogi inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga, 48 kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi i-Arinoni kuya entabeni iSiyoni, okuyiHermoni, 49 nalo lonke i-Araba, phesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube solwandle i-Araba phansi kwemithambeka iPhisiga.

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume