1
IDutheronomi 4:29
IsiZulu 2020
Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu.
Qhathanisa
Hlola IDutheronomi 4:29
2
IDutheronomi 4:31
USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho.
Hlola IDutheronomi 4:31
3
IDutheronomi 4:24
Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.
Hlola IDutheronomi 4:24
4
IDutheronomi 4:9
“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi
Hlola IDutheronomi 4:9
5
IDutheronomi 4:39
“Yazi namuhla, ukufake enhliziyweni yakho ukuthi uSimakade unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akekho omunye.
Hlola IDutheronomi 4:39
6
IDutheronomi 4:7
Yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoba enjalo uSimakade uNkulunkulu wethu noma yinini lapho simbiza, na?
Hlola IDutheronomi 4:7
7
IDutheronomi 4:30
Ekuhluphekeni kwakho, lapho wehlelwa yizo zonke lezo zinto, uyophendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe.
Hlola IDutheronomi 4:30
8
IDutheronomi 4:2
Aniyukuthasisela ezwini enginiyala ngalo, futhi aniyukunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
Hlola IDutheronomi 4:2
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo