IDutheronomi 2

2
Inkulumo KaMose Iyaqhubeka (2)
1 “Sabe sesiphenduka, sahamba, salibhekisa ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga, njengalokhu ayeshilo kimi uSimakade. Intaba iSeyiri sayizungeza izinsuku eziningi.
2“USimakade wathi kimi: 3‘Sekwanele ukuba nilokhu nizungeza le ntaba; phendukani, nilibangise enyakatho. 4 Yala abantu, uthi: “Niyodabula umngcele wabafowenu bozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri. Bayonesaba, nokho anoqaphela, 5 ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe. 6Niyothenga kubo ngesiliva ukudla eniyokudla, namanzi eniyowaphuza, niwakhokhele isiliva.” ’
7 “USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.
8 “Sabe sesidlula kubafowethu bozalo luka-Esawu, abahlala eSeyiri, sayishiya indlela e-Araba, e-Elathi, nase-Eziyoni Gebheri. Saphenduka sadlula ngendlela esehlane kwaMowabi.
9 “USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ”
10 Kwakuhlala khona kuqala ama-Emithe, abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. 11 Nabo njengama-Anaki, kwakuthiwa ngamaRefa, kodwa abakwaMowabi babebabiza ngama-Emi. 12 AmaHori ayehlala lapho eSeyiri kuqala, ephucwa izwe lawo, abhujiswa phambi kwabo ngabozalo luka-Esawu, kwaba yibo abakha endaweni yawo, njengoba no-Israyeli enza ezweni eliyifa lakhe, aliphiwa nguSimakade.
13 “Manje sukani, niwele umfula iZeredi.”
Sabe sesiwuwela umfula iZeredi.
14 “Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi Bharineya size siyowela umfula iZeredi kwaba yiminyaka engama-38, saze saphela sonke leso sizukulwane samabutho empi phakathi kwenkambu, njengalokho uSimakade ayefungile. 15 Impela isandla sikaSimakade sasimelene nawo ukuwabhubhisa phakathi kwenkambu, aze aphele nya.
16 “Kwathi lapho esefe aphela wonke amadoda empi phakathi kwabantu, 17uSimakade wakhuluma kimi, wathi: 18‘Wena usuzoliwela i-Ari, umngcele kwaMowabi. 19 Akothi lapho ususeduze nabakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyukukunika izwe labakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanike lona abozalo lukaLothi libe yifa labo.’ ”
20 Nalelo kwakuthiwa yizwe lamaRefa, ngoba amaRefa ahlala kulo kuqala. Abakwa-Amoni babewabiza ngokuthi ngamaZamuzumi, 21abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. USimakade wawabhubhisa bebuka, wawaphuca izwe lawo, kwase kwakha abakwa-Amoni endaweni yawo. 22 Njengalokhu enza kwabozalo luka-Esawu ababehlala eSeyiri, ngesikhathi ebhubhisa amaHori phambi kwabo, ewephuca izwe lawo, kwase kuhlala bona endaweni yawo kuze kube yinamuhla. 23 Kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kuze kufike eGaza, nawo eza, abhubhisa amaKhafithori ayevela eKhafithori, abe esakha endaweni yawo.
24“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni, umAmori inkosi yaseHeshibhoni, nezwe lakhe: qala ukulidla ngokuba ulwe naye empini. 25 Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’
26 “Ngabe sengithumela izithunywa kuSihoni inkosi yaseHeshibhoni, zisuka ehlane iKedemothi, ziphethe amazwi okuthula, athi: 27‘Ngicela ukudabula ezweni lakho, ngizohamba ngomgwaqo, angizukujikela kwesokunene noma ngakwesokhohlo. 28Uyongithengisela ukudla ngemali ukuba ngidle, namanzi ngemali ukuba ngiphuze; ngivumele nje kuphela ukuba ngidabule ngezinyawo, 29njengalokhu kwenza kimi abozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’ 30 Kodwa uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, akasivumelanga ukuba sidabule ezweni lakhe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wawenza lukhuni umoya wakhe, wamenza waba nenkani enhliziyweni yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.
31“USimakade wayesethi kimi: ‘Bheka, sengiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe kuwe: qala ukulidla izwe lakhe ukuba libe yifa lakho.’
32“USihoni waphuma, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzobhekana nathi, alwe nathi eJahazi. 33USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela kithi, samnqoba, yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke. 34 Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sayibhubhisa yonke imizi eyayinamadoda nabesifazane nezingane, sayiqeda nya; kwangasala muntu. 35 Sazithathela imfuyo nje yaba yimpango yethu, nalokho esakuphanga emizini esasiyinqobile. 36 Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi, akubangabikho muzi owasehlulayo ngokuphakama; uSimakade uNkulunkulu wethu wayinikela yonke kithi. 37 Nokho izwe labakwa-Amoni awuzange usondele kulo, kusukela engxenyeni engenhla yomfula iJakobi, nemizi ekwelezintaba, njengakho konke uSimakade uNkulunkulu ayesiyale ngakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume