IDutheronomi 1

1
UMose Ulanda Ngohambo Lwabakwa-Israyeli
Ukuqala Kwenkulumo KaMose (1)
1 Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi. 2 Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.
3 Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo. 4 Lokhu kwenzeka emveni kokuba enqobe uSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, owayehlala e-Ashitharothi ngase-Edireyi.
5Ngaphesheya kweJordani, kwaMowabi, uMose waqala ukuwuchaza lo mthetho, wathi:
6 “USimakade uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebhe, wathi: ‘Senihlale isikhathi eside kule ntaba; 7 phendukani nihambe, niye kwelezintaba kwa-Amori nasezindaweni zonke ezakhelene nakhona e-Araba, kwelezintaba, ezansi, eningizimu, ogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, eLebhanoni, kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula iYufrathe. 8 Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’
9 “Nganitshela ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Anginakunithwala ngedwa. 10 USimakade uNkulunkulu wenu usenandisile, kangangokuthi namuhla senilukhumbintethe, ningangezinkanyezi emkhathini. 11USimakade uNkulunkulu wokhokho benu makanithasisele kayinkulungwane, anibusise njengalokhu angitshela. 12Mina ngedwa ngingazithwala kanjani izinhlupheko zenu, imithwalo yenu, nokuxabana kwenu na? 13 Ziqokeleni amadoda ahlakaniphileyo, anokuqonda futhi aziwayo ezizweni zenu, ukuze ngiwenze izinduna zenu.’
14“Nangiphendula nathi: ‘Izwi ositshele lona ukuba silenze, lihle.’
15 “Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu. 16Ngabayala abehluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okwenzeka phakathi kwabafowenu, bese nehlulela ngokulunga phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okhosele kuye. 17 Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’ 18 Nganiyala ngaleso sikhathi ngakho konke enaniyokwenza.
19 “Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya. 20Ngase ngithi kini: ‘Senifikile kwelezintaba lakwa-Amori uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona. 21Niyabona-ke, uSimakade uNkulunkulu wenu uninikile izwe eliphambi kwenu: khuphukani nilidle, njengalokhu uSimakade, uNkulunkulu wokhokho benu ayenitshelile. Ningesabi, ningapheli amandla.’
22 “Nonke ngothi lwenu nasondela kimi, nathi: ‘Masithume amadoda ahambe kuqala ayosihlolela izwe, ukuze abuye asitshele indlela esimele ukukhuphuka ngayo, nemizi esiyofika kuyo.’
23“Lokho kwaba kuhle emehlweni ami, ngathatha kini amadoda ali-12, kwaba yindoda eyodwa kuleso naleso sizwana. 24 Wona ahamba, akhuphukela kwelezintaba, afika esigodini i-Eshikholi, asihlola. 25Akha izithelo zalelo lizwe, asiphathela zona, nezwi elithi: ‘Yizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’
26 “Nokho anithandanga ukukhuphuka, kodwa nahlubuka esiyalezweni sikaSimakade uNkulunkulu wenu; 27 nakhononda emathendeni enu, nathi: ‘Kungenxa yokuba uSimakade esizonda okwenze ukuba asikhiphe eGibhithe ukuzosinikela esandleni sama-Amori, ukuba asibhubhise. 28 Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’
29“Ngase ngithi kini: ‘Ningabi naluvalo, ningabesabi. 30 USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka. 31 Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’
32 “Noma kunjalo, nokho anikholwanga nguSimakade uNkulunkulu wenu, 33 owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini.
34 “USimakade wezwa izwi enalikhuluma, wathukuthela, wafunga wathi: 35‘Impela akukho namunye kulaba bantu balesi sizukulwane esibi oyolibona izwe elihle engafunga ukulinika okhokho babo, 36 ngaphandle kukaKhalebhu indodana kaJefune. Nguyena kuphela oyolibona. Ngiyakumnika izwe anyathele kulo, yena nabantwana bakhe, ngokuba wamlandela ngokupheleleyo uSimakade wakhe.’
37 “Nami uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyukungena kulo; 38 nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe. 39 Izingane zenu, lezi ezingakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, enathi zizoba yimpango, yizona eziyongena kulo, ngizolinika zona, zilidle. 40 Nina-ke jikani, niye ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.’
41 “Naphendula, nathi kimi: ‘Sonile kuSimakade; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uSimakade uNkulunkulu wethu.’ Nahloma, yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele kwelezintaba.
42 “USimakade wayesethi kimi: ‘Yisho kubo uthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba ngeke ngibe khona phakathi kwenu, funa zinehlule izitha zenu.” ’
43“Ngakhuluma kanjalo-ke kini, kodwa anilalelanga, kunalokho nalihlubuka izwi likaSimakade, naba nenkani, nakhuphukela kwelezintaba. 44 Abakwa-Amori ababehlala kwelezintaba baphuma banihlasela, banixosha kuhle kwezinyosi, baninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma. 45Nabuya, nakhala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade akalilalelanga izwi lokukhala kwenu. 46 Nahlala eKadeshi izinsuku eziningi, nilokhu nihlezi khona.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume