UDuteronomi 3

3
UDuteronomi 3
1Sase siphenduka, sakhuphukela eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlangabeza, yena nabo bonke abantu bakhe, ukulwa e-Edireyi.
2Wayesethi uJehova kimi: “Ungamesabi, ngokuba ngiyakumnikela yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho; uyakwenza kuye njengoba wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshiboni.
3Kanjalo uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi inkosi yaseBashani, nabo bonke abantu bakhe; samnqoba kwaze kwangasala muntu.
4Sayithatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, akubangakho muzi esingawuthathanga kubo, imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.
5Yonke le mizi ibizungezwe ngezingange eziphakeme, namasango, nemigoqo; eduze kwamadolobha angenazindonga amaningi.
6Sabaqalekisa, njengalokho saqalekisa uSihoni, inkosi yaseHeshiboni, ngokuqalekisa abesilisa, nabesifazane, nabantwana bemizi yonke.
7Kodwa sathatha zonke izifuyo lempango yemizi yaba yimpango.
8Ngaleso sikhathi salithatha esandleni samakhosi amabili ama-Amori izwe elingaphesheya kweJordani, kusukela emfuleni i-Arinoni kuze kube seNtabeni iHermoni;
9(iHermoni amaSidoni ayibiza ngokuthi iSiriyoni, nama-Amori ayibiza ngokuthi iSeniri;)
10yonke imizi yaseThafeni, nalo lonke elakwaGileyadi, nalo lonke iBashani, kuze kube seSaliga nase-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani.
11Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.
UMose unikeza imithandazo kubantu abahlukahlukene
12Leli zwe esalidla ngaleso sikhathi, kusukela e-Aroweri engasemfuleni i-Arinoni, nengxenye yezintaba zakwaGileyadi nemizi yalo ngalinika abakwaRubeni nabakwaGadi.
13Enye insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani elalingumbuso ka-Ogi, nganika ingxenye yesizwe sakwaManase; sonke isifunda sase-Arigobi, nalo lonke iBashani, elalibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
14UJayire indodana kaManase walithatha lonke izwe lase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGesuri neMahagati; wawabiza ngegama lakhe ngokuthi iBashani Havoti-Jayire kuze kube namuhla.
15IGileyadi ngalinika iMagiri.
16AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika ingxenye yesigodi kusukela kwaGileyadi kuze kufike emfuleni i-Arinoni, nomngcele kuze kufike emfuleni iJabhoki, ongumngcele wabantwana bakwa-Amoni;
17nethafa neJordani nomkhawulo walo, kusukela eKinereti kuze kube selwandle lwasemathafeni, uLwandle Lukasawoti, phansi kwe-Ashidodi nePhisiga ngasempumalanga.
18Nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle;
19Kepha omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu, ngokuba ngiyazi ukuthi ninezinkomo eziningi, bayakusala emizini yenu engininike yona;
20uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, baze balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanike lona phesheya kweJordani; khona-ke kumelwe nibuyele yilowo nalowo efeni lakhe engininike lona.
21Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: “Amehlo akho abonile konke uJehova uNkulunkulu wakho akwenzile kulawo makhosi amabili; kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso oya kuyo.
22Akumelwe nibesabe; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakunilwela.
23Ngamncenga uJehova ngaleso sikhathi ngathi:
24O Nkosi Jehova, usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla; ngokuba yimuphi uNkulunkulu ezulwini noma emhlabeni ongenza ngokwemisebenzi yakho nangamandla akho na?
25Ake ngiwele ngibone izwe elihle ngaphesheya kweJordani, intaba enhle neLebanoni.
26Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangilalelanga; uJehova wathi kimi: “Makwanele; ungabe usakhuluma nami ngaloludaba.
27Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, ukubone ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.
28Kodwa yala uJoshuwa, umkhuthaze, umqinise, ngoba yena uzachapha phambi kwalababantu, njalo uzabenza balidle ilifa lelizwe ozalibona.
29Sahlala esigodini esibhekene neBeti Peyori.

Okuqokiwe okwamanje:

UDuteronomi 3: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo