UDuteronomi 3:23-29

UDuteronomi 3:23-29 ZUL59

“Ngaleso sikhathi ngacela kuJehova, ngathi: ‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na? Ake ngiwele, ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, leyo ntaba enhle, neLebanoni.’ “Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangizwanga; uJehova wayesethi kimi: ‘Mawudele; ungabe usakhuluma nami ngale ndaba. Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani. Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’ Sahlala-ke esigodini esimalungana neBeti Peyori.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UDuteronomi 3:23-29

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo