2 kuThimothewu 2:1-13

2 kuThimothewu 2:1-13 CZB24

Ngakho wena, ndodana yami, qina emuseni okuKristu Jesu. Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye. Ngakho wena khuthazelela ubunzima njengebutho elihle likaJesu Kristu. Akakho osempini ozifaka ezindabeni zalokhu kuphila; ukuze amthokozise omkhethileyo ukuba yisosha. Futhi uma umuntu encintisana, kathweswa umqhele, ngaphandle kokuthi encintisana ngokomthetho. Umlimi osebenzayo umelwe ukuba ngesabelo kuqala izithelo. Nakana engikushoyo; iNkosi ikunike ukuqedisisa ezintweni zonke. Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami; engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngakho ngibekezelela izinto zonke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze labo bazuze usindiso olukuKristu Jesu, kanye lenkazimulo yaphakade. Likholekile izwi elithi: Ngokuba uma safa kanye naye, siyakuphila futhi kanye naye; uma sibekezela, siyakubusa kanye naye; uma simphika, naye uyakusiphika; Uma singakholwa, yena uhlala ethembekile, angeziphike.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo