2 kuThimothewu 2:1-13

2 kuThimothewu 2:1-13 ZUL59

Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu; lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye. Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu. Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye. Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho. Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala. Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke. Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami, engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade. Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi; uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika; uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo