2 KuThimothewu 2:1-13

2 KuThimothewu 2:1-13 ZUL20

Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu. Lokho okuzwile kimi phambi kofakazi abaningi, kwedlulisele kubantu abathembekileyo, abafanele ukufundisa abanye. Hlanganyela nami ekuhluphekeni njengebutho elihle likaKhristu. Akekho othi esebenza njengebutho alibale yiminako yalokhu kuphila, kodwa ulwela ukuthokozisa lowo ombuthileyo. Kanjalo futhi uma umuntu esemncintiswaneni, akanikwa umqhele uma engayilandelanga imithetho yokuncintisana. Kufanele ukuba umlimi osebenzayo kube nguye othola isabelo sezithelo zokuqala. Kucabangisise lokhu engikushoyo, ngokuba iNkosi iyakukunika ukuba uziqonde zonke lezi zinto. Khumbula uJesu Khristu owavuswa kwabafileyo, owolibo lukaDavide, ngokwevangeli lami, engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngakho-ke ngibekezelela konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKhristu uJesu, nenkazimulo yaphakade. Lithembekile leli lizwi elithi: ngokuba uma safa naye, siyakuphila futhi naye. Uma sikhuthazela, siyakubusa futhi sikanye naye; uma simphika naye uyakusiphika. Uma singethembekile, Yena uhlala ethembekile, ngokuba akakwazi ukuziphika.