1 Samuweli 14:47-52

1 Samuweli 14:47-52 CZB24

USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha. Wabutha impi, wanqoba ama-Amaleki, wakhulula u-Israyeli esandleni sabaphangi. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, noJeshivi, noMelkishuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa; igama lezibulo lalinguMerabi, igama lencinyane lalinguMikhali; Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi wazala uSawule; uNeri, uyise ka-Abineri, wayeyindodana ka-Abiyeli. Kwakukhona impi enzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona indoda enamandla noma iqhawe, wamyisa kuye.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo