1 USamuweli 14:47-52

1 USamuweli 14:47-52 ZUL20

Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla. Walwa ngesibindi, wanqoba ama-Amaleki, wamhlenga u-Israyeli esandleni sabaphangi. Nanka amagama amadodana kaSawule: nguJonathani, u-Ishivi, noMalikhi Shuwa. Amadodakazi akhe, igama leyokuqala nguMerabi, encane nguMikhali. Igama lomkaSawule ngu-Ahinohama, indodakazi ka-Ahimazi. Umkhuzi wempi yakhe kungu-Abhineri, indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi, uyise kaSawule noNeri, uyise ka-Abhineri, babengamadodana ka-Abhiyeli. Ngazo zonke izinsuku zikaSawule, kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti. Kwakuthi lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla azithathele bona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo