1 uSamuweli 14:47-52

1 uSamuweli 14:47-52 ZUL59

USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula. Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali. Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka-Abineri babe ngamadodana ka-Abiyeli. Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo