1 uSamuweli 14:47-52
1 uSamuweli 14:47-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla. Walwa ngesibindi, wanqoba ama-Amaleki, wamhlenga u-Israyeli esandleni sabaphangi. Nanka amagama amadodana kaSawule: nguJonathani, u-Ishivi, noMalikhi Shuwa. Amadodakazi akhe, igama leyokuqala nguMerabi, encane nguMikhali. Igama lomkaSawule ngu-Ahinohama, indodakazi ka-Ahimazi. Umkhuzi wempi yakhe kungu-Abhineri, indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi, uyise kaSawule noNeri, uyise ka-Abhineri, babengamadodana ka-Abhiyeli. Ngazo zonke izinsuku zikaSawule, kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti. Kwakuthi lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla azithathele bona.
1 uSamuweli 14:47-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
USawule wathatha ubukhosi kwa-Israyeli, walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; futhi nomaphi lapho ephendukela khona, wayebahlupha. Wabutha impi, wanqoba ama-Amaleki, wakhulula u-Israyeli esandleni sabaphangi. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, noJeshivi, noMelkishuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa; igama lezibulo lalinguMerabi, igama lencinyane lalinguMikhali; Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi wazala uSawule; uNeri, uyise ka-Abineri, wayeyindodana ka-Abiyeli. Kwakukhona impi enzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona indoda enamandla noma iqhawe, wamyisa kuye.
1 uSamuweli 14:47-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula. Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi. Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali. Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka-Abineri babe ngamadodana ka-Abiyeli. Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.