2 kaPetru 3:8-18

2 kaPetru 3:8-18 ZULUNT

Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa. INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni. Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha. Ngakho njengoba zonke lezi zinto zizancibilika, kufanele libe ngabantu abanjani ekuhambeni konke okungcwele lokumesaba uNkulunkulu? nilindele, nijahe ukufika kosuku lukaNkulunkulu, lapho amazulu eyakusha, ancibilike, nezakhi zincibilike ngokushisa okukhulu? Kepha thina ngokwesithembiso sakhe silindele amazulu amasha nomhlaba omusha okuhlala kukho ukulunga. Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici. Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo; njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo. Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nazi lokho ngaphambili, xwayani ukuba nidukiswe nokuduka kwababi, niwe ekuqineni kwenu. Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kaPetru 3:8-18