2 KaPhethro 3:8-18

2 KaPhethro 3:8-18 ZUL20

Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye becabanga ukuthi ilibele, kepha iyanibekezelela, ngoba ingafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele empendukweni. Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho. Njengokuba konke kuyakubhujiswa kanjalo, nifanele nibe ngabantu abanjani ekuziphatheni ngobungcwele, nangokumesaba uNkulunkulu, nilindele futhi nimagange ngokufika kosuku lukaNkulunkulu okuyakuthi ngalo, amazulu adunqiswe ngomlilo abhubhe, konke kushe kungqongqe, kuncibilike. Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga. Ngakho, bathandekayo, njengokuba nisalindele lezi zinto, phokophelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, nasici kuye. Bonani ukuthi ukubekezela kweNkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe. Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa. Ngakho-ke nina bathandekayo, njengokuba nazi lokhu phambilini, qaphelani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, bese niwa kulokhu eniqine kukho. Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 KaPhethro 3:8-18