2 kaPetru 3:8-18

2 kaPetru 3:8-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye becabanga ukuthi ilibele, kepha iyanibekezelela, ngoba ingafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele empendukweni. Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho. Njengokuba konke kuyakubhujiswa kanjalo, nifanele nibe ngabantu abanjani ekuziphatheni ngobungcwele, nangokumesaba uNkulunkulu, nilindele futhi nimagange ngokufika kosuku lukaNkulunkulu okuyakuthi ngalo, amazulu adunqiswe ngomlilo abhubhe, konke kushe kungqongqe, kuncibilike. Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga. Ngakho, bathandekayo, njengokuba nisalindele lezi zinto, phokophelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, nasici kuye. Bonani ukuthi ukubekezela kweNkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe. Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe zonke uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bazidonsela ukubhujiswa. Ngakho-ke nina bathandekayo, njengokuba nazi lokhu phambilini, qaphelani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, bese niwa kulokhu eniqine kukho. Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.

2 kaPetru 3:8-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni. Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha. Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu, nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na? Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga. Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye, nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa, njengalokho nomzalwane wethu othandekayo uPawulu wanilobela njengokuhlakanipha ayekuphiweyo, njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi, kube ngukubhujiswa kwabo. Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu, kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

2 kaPetru 3:8-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa. INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni. Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha. Ngakho njengoba zonke lezi zinto zizancibilika, kufanele libe ngabantu abanjani ekuhambeni konke okungcwele lokumesaba uNkulunkulu? nilindele, nijahe ukufika kosuku lukaNkulunkulu, lapho amazulu eyakusha, ancibilike, nezakhi zincibilike ngokushisa okukhulu? Kepha thina ngokwesithembiso sakhe silindele amazulu amasha nomhlaba omusha okuhlala kukho ukulunga. Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici. Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo; njengalokhu nakuzo zonke izincwadi zakhe, ekhuluma kuzo ngalezizinto; okukhona kuzo ezinye izinto ezilukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundileyo nabangazinzile bazihlanekezele, njengokuba benza neminye imibhalo, kube ngukubhujiswa kwabo. Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nazi lokho ngaphambili, xwayani ukuba nidukiswe nokuduka kwababi, niwe ekuqineni kwenu. Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.

2 kaPetru 3:8-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

2 kaPetru 3:8-18 ZUL592 kaPetru 3:8-18 ZUL592 kaPetru 3:8-18 ZUL59