2 kaPetru 3:8-18

2 kaPetru 3:8-18 ZUL59

Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni. Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha. Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu, nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na? Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga. Ngakho, bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye, nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa, njengalokho nomzalwane wethu othandekayo uPawulu wanilobela njengokuhlakanipha ayekuphiweyo, njengalokhu nasezincwadini zonke ekhuluma kuzo ngalezo zinto, okukhona kuzo okunye okulukhuni ukuzwisiswa, okuthi abangafundile nabangaqinile bakuhlanekezela, njengalokhu benze njalo nangezinye izincwadi, kube ngukubhujiswa kwabo. Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu, kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kaPetru 3:8-18