Ngamlinda ngesineke uSimakade,
wayesephendukela ngakimi,
wakuzwa ukunxusa kwami.
Wangikhipha emgodini wokubhujiswa,
odakeni olubishayo,
izinyawo zami wazibeka edwaleni,
wavikela izinyathelo zami.
Wabeka iculo elisha emlonyeni wami,
ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami,
abaningi bayokubona lokho, besabe,
bese bethembela kuSimakade.
Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade,
ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo,
nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga.
Simakade Nkulunkulu wami,
ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,
nezizindlo zakho ngathi;
akukho okungafaniswa nawe,
uma ngiyilanda, ngiyisho,
miningi kunokuba ibalwe.
Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla.
Izindlebe zami uzigeqile.
Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.
Ngase ngithi:
“Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo
kulotshiwe ngami ukuthi:
Ngiyathanda ukwenza intando yakho,
Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu,
angizivalanga izindebe zami,
Simakade, Wena uyakwazi lokho.
Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami,
ngikumemezele ukwethemba kwakho
nensindiso yakho.
Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu
umusa wakho neqiniso lakho.
Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho,
umusa wakho neqiniso lakho
makuhlale kungilondile njalo.
Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,
iziphambeko zami zingificile,
angikwazi ukubona,
ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami,
inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.
Makuthandeke kuwe Simakade ukuba ungikhulule.
Simakade, mawuphuthume ungisize.
Mabajabhe, babe namahloni bonke
abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise,
abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.
Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo
abathi kimi:
“Ashila, ashila!”
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo,
abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi:
“Makadunyiswe uSimakade.”
Noma ngihlupheka, ngintula,
iNkosi iyanginaka,
Wena ungumsizi wami nomsindisi wami,
Nkulunkulu wami, mawungalibali.