AMahubo 40

40
Ukubonga Ukuhlengwa NguSimakade
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo
1Ngamlinda ngesineke uSimakade,
wayesephendukela ngakimi,
wakuzwa ukunxusa kwami.
2Wangikhipha emgodini wokubhujiswa,
odakeni olubishayo,
izinyawo zami wazibeka edwaleni,
wavikela izinyathelo zami.
3Wabeka iculo elisha emlonyeni wami,
ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami,
abaningi bayokubona lokho, besabe,
bese bethembela kuSimakade.
4Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade,
ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo,
nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga.
5Simakade Nkulunkulu wami,
ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,
nezizindlo zakho ngathi;
akukho okungafaniswa nawe,
uma ngiyilanda, ngiyisho,
miningi kunokuba ibalwe.
6Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla.
Izindlebe zami uzigeqile.
Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.
7Ngase ngithi:
“Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo
kulotshiwe ngami ukuthi:
8Ngiyathanda ukwenza intando yakho,
Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”
9Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu,
angizivalanga izindebe zami,
Simakade, Wena uyakwazi lokho.
10Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami,
ngikumemezele ukwethemba kwakho
nensindiso yakho.
Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu
umusa wakho neqiniso lakho.
11Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho,
umusa wakho neqiniso lakho
makuhlale kungilondile njalo.
12Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,
iziphambeko zami zingificile,
angikwazi ukubona,
ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami,
inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.
13Makuthandeke kuwe Simakade ukuba ungikhulule.
Simakade, mawuphuthume ungisize.
14Mabajabhe, babe namahloni bonke
abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise,
abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.
15Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo
abathi kimi:
“Ashila, ashila!”
16Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo,
abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi:
“Makadunyiswe uSimakade.”
17Noma ngihlupheka, ngintula,
iNkosi iyanginaka,
Wena ungumsizi wami nomsindisi wami,
Nkulunkulu wami, mawungalibali.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 40: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume