AmaHubo 40:1-17
AmaHubo 40:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngamlinda ngesineke uSimakade, wayesephendukela ngakimi, wakuzwa ukunxusa kwami. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami. Wabeka iculo elisha emlonyeni wami, ihubo lokudumisa uNkulunkulu wami, abaningi bayokubona lokho, besabe, bese bethembela kuSimakade. Ubusisiswe umuntu owethemba uSimakade, ongaphendukeli kwabazikhukhumezayo, nakulabo abaphambukiswa ngonkulunkulu bamanga. Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe. Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi. Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi: Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho. Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami, ngikumemezele ukwethemba kwakho nensindiso yakho. Angizange ngilifihlele ibandla elikhulu umusa wakho neqiniso lakho. Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho, umusa wakho neqiniso lakho makuhlale kungilondile njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba. Makuthandeke kuwe Simakade ukuba ungikhulule. Simakade, mawuphuthume ungisize. Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise, abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!” Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo, abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uSimakade.” Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.
AmaHubo 40:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami. Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova. Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni. Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe. Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi. Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi: Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi. Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu. Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile. Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule; Jehova, mawuphuthume ungisize. Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!” Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.” Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.
AmaHubo 40:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Ngalindela uJehova ngokubekezela; wakhuleka kimi, wezwa ukukhala kwami. Wangikhuphula emgodini owesabekayo, odakeni lodaka, wabeka izinyawo zami edwaleni, waqinisa izindlela zami. Wafaka igama elisha emlonyeni wami, indumiso ngenkazimulo kaNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova. Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, ongahloniphi abazidlayo, ongaphendukeli emangeni. Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nemicabango yakho kithi; akunakubalelwa kuwe; kubalwe izinombolo. Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandanga; uzivulile izindlebe zami; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwufunanga. Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza; kulotshiwe ngami emqulwini: Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami; yebo, umthetho wakho usenhliziyweni yami. Ngashumayela ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizibambanga izindebe zami, Jehova, wena uyakwazi. Ukulunga kwakho angikufihlanga enhliziyweni yami; Ngikwazisile ukuthembeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlanga ebandleni elikhulu. Ungagodli kimi umusa wakho, Jehova; umusa wakho nokuthembeka kwakho makungilondoloze njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile; ziningi kunezinwele zekhanda lami; ngalokho inhliziyo yami ingiphazamisile. Kuthandeka, Jehova, ukungisindisa; O Jehova, shesha ungisize. Mabame benamahloni kanyekanye, babe namahloni abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa; mababuyiselwe emuva bajabhe abangifisela okubi. Mabathukuthelele ihlazo labo abathi kimi: Ashila, ashila! Bonke abakufunayo mabajabule bajabule kuwe; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo ukuthi: Makabe mkhulu uJehova; Kepha mina ngimpofu nompofu; nokho uJehova uyangikhumbula: Wena ulusizo lwami nomsindisi wami; ungalibali, Nkulunkulu wami.