AMahubo 3:1-8

AMahubo 3:1-8 ZUL20

Simakade, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo. Baningi abathi ngami: “Akukho ukukhululwa kwakhe kuNkulunkulu.” Sela Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. Ngakhala kuSimakade ngezwi lami; wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela Ngabeka uhlangothi phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele. Angiyukuzesaba izindimbane zabantu abangihaqe nxazonke. Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali. Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

Funda AMahubo 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo