Amahubo 3:1-8

Amahubo 3:1-8 CZB24

Ihubo likaDavide, lapho ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe. Jehova, yeka ukuthi baningi abangihluphayo; baningi abangivukelayo. Baningi abathi ngomphefumulo wami: Akakho ukusindiswa kwakhe kuNkulunkulu. Sela. Kepha wena Jehova uyisihlangu sami; inkazimulo yami nokuphakanyiswa kwekhanda lami. Ngambiza uJehova ngezwi lami, wangizwa esentabeni yakhe engcwele. Sela. Ngalala phansi, ngazumeka; Ngivukile; ngoba iNkosi ingiphasile. Angiyikwesaba amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile; Vuka, Jehova; ngisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba uzishaye zonke izitha zami emhlathini; Uwaphulile amazinyo ababi. Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe phezu kwabantu bakho. Sela.

Funda Amahubo 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo