AMahubo 3

3
Umkhuleko Wokucela Ukukhululwa
Ihubo likaDavide ebalekela u-Absalomu, indodana yakhe
1Simakade, ziningi izitha zami.
Baningi abangivukelayo.
2Baningi abathi ngami:
“Akukho ukukhululwa kwakhe kuNkulunkulu.” Sela
3Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
4Ngakhala kuSimakade ngezwi lami;
wangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela
5Ngabeka uhlangothi phansi,
ngazunywa ngubuthongo;
ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele.
6Angiyukuzesaba izindimbane zabantu
abangihaqe nxazonke.
7Vuka, Simakade,
ngisindise Nkulunkulu wami.
Uzishayile zonke izitha zami emihlathini;
wawawohloza amazinyo ezonakali.
8Insindiso ingekaSimakade;
isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo