AMahubo 121:1-8

AMahubo 121:1-8 ZUL20

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na? Usizo lwami luvela kuSimakade, owenzile izulu nomhlaba. Akayukuluvumela unyawo lwakho lushibilike; okulondayo akozeli. Impela olonda u-Israyeli akozeli, futhi akalali. USimakade ungumvikeli wakho, uSimakade ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene. Ilanga aliyukukushaya emini, nenyanga ebusuku. USimakade uzokuvikela kukho konke okubi, awugcine umphefumulo wakho. USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho, kusukela manje kuze kube phakade.