Amahubo 121:1-8

Amahubo 121:1-8 CZB24

(Ihubo.) Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luvelaphi na? Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba. Kayikuvuma unyawo lwakho lukhubeke; yena okugadileyo akozeli. Bheka, oqapha u-Israyeli akozeli, akalali; UJehova unguMlindi wakho; uJehova uyisithunzi sakho ngakwesokunene sakho. Ilanga aliyikukushaya emini, nenyanga ebusuku. UJehova uyakukuvikela kukho konke okubi; Uzoqapha umphefumulo wakho. UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela manje kuze kube phakade.