AMahubo 121

121
Ukwethemba Usizo LukaNkulunkulu
Ihubo lokukhuphuka
1Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni,
usizo lwami luyakuvelaphi na?
2Usizo lwami luvela kuSimakade,
owenzile izulu nomhlaba.
3Akayukuluvumela unyawo lwakho lushibilike;
okulondayo akozeli.
4Impela olonda u-Israyeli akozeli,
futhi akalali.
5USimakade ungumvikeli wakho,
uSimakade ungumthunzi wakho
ngasesandleni sakho sokunene.
6Ilanga aliyukukushaya emini,
nenyanga ebusuku.
7USimakade uzokuvikela kukho konke okubi,
awugcine umphefumulo wakho.
8USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho
nokungena kwakho,
kusukela manje kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 121: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume