AMahubo 122

122
Ukukhulekela Ukuthula KweJerusalema
Ihubo lokukhuphuka. ElikaDavide
1Ngajabula lapho bethi kimi:
“Masiye endlini kaSimakade.”
2Izinyawo zethu sezimi
emasangweni akho, Jerusalema,
3Jerusalema, wena owakhiwe njengomuzi
ohlanganiswe waqina,
4lapho imindeni ikhuphukela khona,
imindeni kaSimakade,
ngokomthetho wakwa-Israyeli,
ukuba idumise igama likaSimakade.
5Ngokuba izihlalo zokwehlulela zimiswe khona,
izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.
6Khulekelani ukuthula kweJerusalema:
“Abakuthandayo mabaphumelele.
7Makube nokuthula phakathi kwezingange zakho,
nempumelelo ezigodlweni.”
8Ngenxa yabafowethu nabangani bethu
ngizothi manje:
“Makube khona ukuthula kuwe.”
9Ngenxa yendlu kaSimakade uNkulunkulu wethu,
ngiyokufunela okuhle.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 122: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume