AMahubo 123

123
Umkhuleko Wocela Ukuhawukelwa NguSimakade
Ihubo lokukhuphuka
1Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami,
Wena ohleli ezulwini.
2Njengamehlo ezinceku,
ebheke izandla zamakhosi azo,
namehlo encekukazi,
ebheke isandla senkosikazi yayo,
kanjalo nathi amehlo ethu
abheke kuSimakade uNkulunkulu wethu,
aze abe nomusa kithi.
3Sihawukele, Simakade, sihawukele,
ngokuba sesikhathele wukwedelelwa.
4Umphefumulo wethu sewudinwe kakhulu
ngukweyiswa kwabaziqhenyayo
nokwedelela kwabazidlayo.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 123: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume