AMahubo 103:8-14

AMahubo 103:8-14 ZUL20

USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa. Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu. Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje.