AMahubo 103

103
Ihubo Lokubonga USimakade Ngemisebenzi Yakhe Yomusa
1Mbonge uSimakade, mphefumulo wami,
konke okungaphakathi kimi
makulibonge igama lakhe elingcwele.
2Mbonge uSimakade, mphefumulo wami,
ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,
3Yena othethelela zonke izono zakho,
owelapha zonke izifo zakho,
4okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,
okuqhelisa ngomusa nangobubele,
5osuthisa ukulangazelela kwakho ngokuhle,
ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.
6USimakade ubenzela bonke
abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa.
7Wamazisa uMose izindlela zakhe,
nabantu bakwa-Israyeli, izenzo zakhe.
8USimakade unobubele nesihawu,
uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa.
9Akathethi njalonjalo,
akayigcini intukuthelo yakhe
kuze kube phakade.
10Akasiphathi njengokufanele izono zethu,
akasivuzi njengokwamacala ethu.
11Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba,
unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,
uzidedise kangako iziphambeko zethu.
13Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe,
kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.
14Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani,
uyakhumbula ukuthi siluthuli nje.
15Izinsuku zomuntu zinjengotshani;
ukhahlela njengembali yasendle,
16ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala,
nendawo yayo ingabe isayazi.
17Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo
phakade naphakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
18abagcina isivumelwane sakhe,
bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe.
19USimakade umise isihlalo sakhe
sobukhosi ezulwini,
umbuso wakhe ubusa
phezu kwakho konke.
20Bongani uSimakade nina zingelosi zakhe,
nina maqhawe anamandla
enigcina izwi lakhe
nilalele okushiwo yilo.
21Bongani uSimakade
nina mabandla akhe wonke,
nina zinceku zakhe
enenza intando yakhe.
22Bongani uSimakade,
nina misebenzi yakhe yonke
ezindaweni zonke zombuso wakhe.
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 103: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume