Amahubo 103:8-14

Amahubo 103:8-14 CZB24

UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa. Akayikuxabana njalo, akayikugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akenzanga kithi njengokwezono zethu; futhi akasibuyiselanga njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo. Njengoba impumalanga iqhelelene nentshonalanga, udedisela kude iziphambeko zethu kithi. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo. Ngoba yena uyasazi isimo sethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.