AmaHubo 103:8-14
AmaHubo 103:8-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade unobubele nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa. Akathethi njalonjalo, akayigcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu. Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje.
AmaHubo 103:8-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.
AmaHubo 103:8-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova unesihe, unomusa, uyabekezela, uchichima umusa. Akayikuxabana njalo, akayikugcina intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akenzanga kithi njengokwezono zethu; futhi akasibuyiselanga njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo. Njengoba impumalanga iqhelelene nentshonalanga, udedisela kude iziphambeko zethu kithi. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo. Ngoba yena uyasazi isimo sethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.