AMahubo 103:13-18

AMahubo 103:13-18 ZUL20

Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; ukhahlela njengembali yasendle, ipheshethwa ngumoya, bese inyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, abagcina isivumelwane sakhe, bakhumbule ukwenza iziyalezo zakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 103:13-18