AmaHubo 103:13-18

AmaHubo 103:13-18 ZUL59

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli. Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle. Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi. Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 103:13-18