Amahubo 103:13-18

Amahubo 103:13-18 CZB24

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo. Ngoba yena uyasazi isimo sethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli. Umuntu, izinsuku zakhe zinjengotshani; njengembali yasendle, uyaqhakaza kanjalo. Ngokuba umoya uphephetha phezu kwayo, isuke; nendawo yawo ayisayikuyazi. Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana; Kulabo abagcina isivumelwano sakhe nalabo abakhumbula imiyalo yakhe ukuba bayenze.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Amahubo 103:13-18