IZaga 3:5-12

IZaga 3:5-12 ZUL20

Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda. Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho, nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, ukuze izinqolobane zakho ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo, nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha. Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe. Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo, njengoyise eyala indodana ayithandayo.

Funda IZaga 3

Verse Images for IZaga 3:5-12

IZaga 3:5-12 - Thembela kuSimakade
ngayo yonke inhliziyo yakho,
unganciki kokwakho ukuqonda.
Mazise Yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.

Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uSimakade, uqhele ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho,
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
ukuze izinqolobane zakho
ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo,
nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha.

Ndodana yami,
ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade,
ungakwenyanyi ukusola kwakhe.
Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo,
njengoyise eyala indodana ayithandayo.IZaga 3:5-12 - Thembela kuSimakade
ngayo yonke inhliziyo yakho,
unganciki kokwakho ukuqonda.
Mazise Yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.

Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uSimakade, uqhele ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho,
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
ukuze izinqolobane zakho
ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo,
nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha.

Ndodana yami,
ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade,
ungakwenyanyi ukusola kwakhe.
Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo,
njengoyise eyala indodana ayithandayo.IZaga 3:5-12 - Thembela kuSimakade
ngayo yonke inhliziyo yakho,
unganciki kokwakho ukuqonda.
Mazise Yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.

Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uSimakade, uqhele ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho,
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,
ukuze izinqolobane zakho
ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo,
nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha.

Ndodana yami,
ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade,
ungakwenyanyi ukusola kwakhe.
Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo,
njengoyise eyala indodana ayithandayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo