NgokukaMakhu 5:1-21

NgokukaMakhu 5:1-21 ZUL20

Bafinyelela ngaphesheya kolwandle, ezweni lamaGerasa. Kwathi lapho esephumile esikebheni, wahlangana masinyane nomuntu ovela emathuneni, onomoya ongcolileyo. Lowo muntu wayesehlala emathuneni, kungasekho muntu owayengambopha ngeketango, ngokuba wayeseboshwe kaningi ngozankosi nangamaketango, kodwa ewagqabula amaketango, futhi ephule nozankosi. Kwakungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa. Wayesehlala njalo ubusuku nemini esemathuneni nasezintabeni, ememeza, futhi ezilimaza ngamatshe. Wathi ukuba ambone uJesu esebuqamama, wagijima, wakhuleka kuye; wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Ufunani kimi Wena Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.” UJesu wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo!” Wayesembuza ethi: “Ungubani igama lakho na?” Waphendula wathi kuye: “NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.” Wayesemncenga kakhulu ukuba angabaxoshi kulelo lizwe. Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabile. Yamncenga imimoya engcolileyo, yathi: “Sithumele ezingulubeni ukuze singene kuzo.” Wayivumela. Yaphuma-ke imimoya engcolileyo, yangena ezingulubeni. Umhlambi wakhalakathela eweni, waphonseka olwandle; lowo mhlambi wawuyizi-2 000 zezingulube, ezaminza olwandle. Ababezelusile babaleka, bayobika emzini nasemaphandleni. Abantu beza ukuzozibonela ngawabo okwakwenzekile. Bafika kuJesu, bambona obenamadimoni ehlezi embethe, futhi esesangulukile engqondweni, lowo owayenoLegiyona; base besaba. Labo ababezibonele ngawabo, babalandisa ukuthi kwenzekeni kulowo muntu owayenamadimoni, nokwenzeka ezingulubeni. Base beqala ukumnxenxa ukuba aphume aphele ezweni lakubo. Kuthe lapho uJesu engena esikebheni, lowo owayenamadimoni, wamncenga ukuba ahambe naye. Kepha uJesu wamnqabela, kunalokho wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.” Wahamba-ke, waqala ukulanda ngalokho emizini elishumi konke lokho uJesu ayemenzele khona; bamangala bonke. Kuthe uJesu esewelele ngaphesheya futhi ngesikebhe, kwabuthana izindimbane zabantu kuye, engasolwandle.