NgokukaMarku 5:1-21

NgokukaMarku 5:1-21 ZUL59

Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa. Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo. Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga; ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa. Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe. Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye; wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.” Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.” Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?” Wathi kuye: “NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi.” Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe. Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile. Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.” Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle. Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo. Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona;* base besaba. Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube. Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo. Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye. Akamvumelanga, kepha wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.” Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke. Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.