NgokukaMakhu 4:1-9

NgokukaMakhu 4:1-9 ZUL20

UJesu wabuye waqala ukufundisa ngasolwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu kangangoba waze wangena esikebheni, wahlala olwandle. Sonke isixuku sasimi emhlabathini ngasolwandle. Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa: “Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela. Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda. Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kungenamhlabathi khona omningi. Yamila ngokushesha, ngokuba umhlabathi wawungajulile. Ekuphumeni kwelanga yantshwama, ngokuba izimpande zayo zazingajulile; yabuna. Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo. Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

Ividiyo ye- NgokukaMakhu 4:1-9

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 4:1-9