NgokukaMarku 4:1-9

NgokukaMarku 4:1-9 ZUL59

Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle. Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 4:1-9