Marku 4:1-9

Marku 4:1-9 CZB24

Wayesebuye waqala ukufundisa ngaselwandle; kwabuthana kuye isixuku esikhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala olwandle; isixuku sonke sasiphezu kolwandle emhlabathini. Wabafundisa izinto eziningi ngemifanekiso, wakhuluma kubo ekufundiseni kwakhe. Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela; Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zezulu, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho eyayingenamhlabathi omningi khona; yasihluma masinyane, ngoba yayingelakutshona komhlabathi; Kodwa seliphumile ilanga, lahangulwa; futhi ngenxa yokuthi yayingenampande, yabuna. Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. Enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, yakhula, yanda; yazala, enye ngamashumi amathathu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ikhulu. Wasesithi kubo: Onezindlebe zokuzwa makezwe.

Funda Marku 4

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 4:1-9