NgokukaMakhu 4:1-25

NgokukaMakhu 4:1-25 ZUL20

UJesu wabuye waqala ukufundisa ngasolwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu kangangoba waze wangena esikebheni, wahlala olwandle. Sonke isixuku sasimi emhlabathini ngasolwandle. Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa: “Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela. Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda. Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kungenamhlabathi khona omningi. Yamila ngokushesha, ngokuba umhlabathi wawungajulile. Ekuphumeni kwelanga yantshwama, ngokuba izimpande zayo zazingajulile; yabuna. Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo. Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso. Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.” Wayesethi kubo: “Uma ningawuqondi lo mzekeliso, pho niyakuyazi kanjani yonke eminye imizekeliso na? Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo. Imbewu ewele edwaleni, imele labo abathi bangalizwa izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza, kodwa lingagxili kubo, ngokuba kabanampande; bahlala isikhashana nje, kuthi lapho kuvela ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bahlubuke ngokushesha. Abahlwanyelwe emeveni yilabo abathi sebelizwile izwi, kodwa liminyaniswe yiminako yalesi sikhathi: ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto. Lokhu kuyangena kuliminyanise izwi, bese liba ngelingatheliyo. Abahlwanyelwe emhlabathini ovundileyo yilabo abalizwa izwi, qede balamukele, bathele isithelo ngama-30, ngama-60 nangekhulu.” UJesu wayesethi kubo: “Ngabe isibani siyabekwa yini phansi kwesitsha noma phansi kombhede; kanti asibekwa othini na? Ngokuba akukho okusithekileyo okungayukubekwa obala, akukho okuyisifuba okungayukudalulwa. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe. Ngokuba onakho uyakuphiwa, kodwa ongenakho uyakwemukwa ngisho nalokho anakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 4:1-25

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo