NgokukaMarku 4:1-25

NgokukaMarku 4:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wayesebuye waqala ukufundisa ngaselwandle; kwabuthana kuye isixuku esikhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala olwandle; isixuku sonke sasiphezu kolwandle emhlabathini. Wabafundisa izinto eziningi ngemifanekiso, wakhuluma kubo ekufundiseni kwakhe. Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela; Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zezulu, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho eyayingenamhlabathi omningi khona; yasihluma masinyane, ngoba yayingelakutshona komhlabathi; Kodwa seliphumile ilanga, lahangulwa; futhi ngenxa yokuthi yayingenampande, yabuna. Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. Enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, yakhula, yanda; yazala, enye ngamashumi amathathu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ikhulu. Wasesithi kubo: Onezindlebe zokuzwa makezwe. Eseyedwa, ababemphahlile kanye nabayishumi nambili bambuza ngomfanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu; ukuze bebona babone, bangaboni; nokuzwa, bezwe, bangaqondi; funa noma nini baphenduke, bathethelelwe izono zabo. Wasesithi kubo: Kaliwazi yini lumfanekiso? Pho niyakuyazi kanjani imifanekiso yonke na? Umhlanyeli uhlanyela ilizwi. Laba ngasendleleni, lapho okuhlanyelwe khona ilizwi; kodwa nxa sebezwile, uSathane uyafika masinyane, alisuse izwi elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo. Kanjalo laba ngabahlwanyelwe edwaleni; abathi sebelizwile ilizwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; njalo kabanampande phakathi kwabo, bahlala okwesikhathi; kuthi sekuvele ukuhlupheka kumbe ukuzingelwa ngenxa yelizwi, bahle bakhubeke. Laba yilabo abahlanyelwe emeveni; abalizwayo izwi, Kepha iminako yaleli zwe, nokukhohlisa kwengcebo, nezinkanuko zezinye izinto, kungena kuminyanise izwi, lingatheli. Laba yilabo abahlwanyelwe emhlabathini omuhle; abalizwayo izwi, balamukele, bathele isithelo, omunye ngamashumi amathathu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngekhulu. Wathi kubo: “Isibani siyalethwa ukuba sibekwe phansi kwesitsha noma ngaphansi kombhede na? futhi hhayi ukuthi ibekwe othini lwesibani? Ngokuba akukho okufihliweyo okungayikubonakaliswa; futhi akukho okufihliwe, ngaphandle kokuthi kuvele obala. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe. Wathi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo; Ngokuba onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.

NgokukaMarku 4:1-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMarku 4:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wabuye waqala ukufundisa ngasolwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu kangangoba waze wangena esikebheni, wahlala olwandle. Sonke isixuku sasimi emhlabathini ngasolwandle. Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa: “Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela. Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda. Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kungenamhlabathi khona omningi. Yamila ngokushesha, ngokuba umhlabathi wawungajulile. Ekuphumeni kwelanga yantshwama, ngokuba izimpande zayo zazingajulile; yabuna. Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo. Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso. Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.” Wayesethi kubo: “Uma ningawuqondi lo mzekeliso, pho niyakuyazi kanjani yonke eminye imizekeliso na? Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo. Imbewu ewele edwaleni, imele labo abathi bangalizwa izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza, kodwa lingagxili kubo, ngokuba kabanampande; bahlala isikhashana nje, kuthi lapho kuvela ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bahlubuke ngokushesha. Abahlwanyelwe emeveni yilabo abathi sebelizwile izwi, kodwa liminyaniswe yiminako yalesi sikhathi: ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto. Lokhu kuyangena kuliminyanise izwi, bese liba ngelingatheliyo. Abahlwanyelwe emhlabathini ovundileyo yilabo abalizwa izwi, qede balamukele, bathele isithelo ngama-30, ngama-60 nangekhulu.” UJesu wayesethi kubo: “Ngabe isibani siyabekwa yini phansi kwesitsha noma phansi kombhede; kanti asibekwa othini na? Ngokuba akukho okusithekileyo okungayukubekwa obala, akukho okuyisifuba okungayukudalulwa. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Wayesethi kubo: “Kuqapheleni enikuzwayo, ngokuba ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso; kuze kwenezelwe. Ngokuba onakho uyakuphiwa, kodwa ongenakho uyakwemukwa ngisho nalokho anakho.”

NgokukaMarku 4:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle. Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.” Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na? Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo. Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane. Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi, kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo. Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.” Wayesethi kubo: “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na? Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina. Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.”