NgokukaMarku 4:1-25

NgokukaMarku 4:1-25 ZUL59

Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle. Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.” Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na? Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo. Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane. Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi, kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo. Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.” Wayesethi kubo: “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na? Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala. Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.” Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina. Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 4:1-25

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo