NgokukaMakhu 3:22-35

NgokukaMakhu 3:22-35 ZUL20

Nezazimthetho ezazehlile zivela eJerusalema, zathi: “UnoBhelzebhule, ukhipha amadimoni ngombusi wamadimoni.” Wayesezibiza, wakhuluma kuzo ngemizekeliso, wathi: “Kungenzeka yini ukuba uSathane akhiphe uSathane na? Uma umbuso wehlukene wodwa, awusoze wema. Kanjalo uma nendlu yehlukene yodwa, leyo ndlu ayisoze yema. NoSathane, uma ezivukela yena uqobo, ahlukane, akanakuma, kodwa uyakushabalala. Kanjalo, akekho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga bese ephanga indlu yaso. Ngiqinisile ngithi kini: abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza, noma ngabe kungakanani abangahlambalaza ngakho, kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” UJesu wakusho lokho ngokuba babemthuke bathi unomoya ongcolileyo. Kwase kufika unina kaJesu nabafowabo, bema ngaphandle, base bethumela kuye ukuba ayobizwa. Isixuku esasimngungile sathi kuye: “Unyoko, abafowenu, nawodadewenu bemi ngaphandle; bayakufuna.” Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?” Waqalaza ebuka ababehlezi bemngungile, wathi: “Niyabona-ke, nangu umame nabafowethu. Ngokuba noma ngubani owenza intando kaNkulunkulu, nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”