Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.” Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na? Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme. Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma. NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela. Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso. Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho, kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo. Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.” Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?” Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu. Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”
Funda NgokukaMarku 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 3:22-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo