NgokukaMarku 3:22-35
NgokukaMarku 3:22-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nezazimthetho ezazehlile zivela eJerusalema, zathi: “UnoBhelzebhule, ukhipha amadimoni ngombusi wamadimoni.” Wayesezibiza, wakhuluma kuzo ngemizekeliso, wathi: “Kungenzeka yini ukuba uSathane akhiphe uSathane na? Uma umbuso wehlukene wodwa, awusoze wema. Kanjalo uma nendlu yehlukene yodwa, leyo ndlu ayisoze yema. NoSathane, uma ezivukela yena uqobo, ahlukane, akanakuma, kodwa uyakushabalala. Kanjalo, akekho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engaqalanga ngokubopha isiqhwaga bese ephanga indlu yaso. Ngiqinisile ngithi kini: abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza, noma ngabe kungakanani abangahlambalaza ngakho, kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” UJesu wakusho lokho ngokuba babemthuke bathi unomoya ongcolileyo. Kwase kufika unina kaJesu nabafowabo, bema ngaphandle, base bethumela kuye ukuba ayobizwa. Isixuku esasimngungile sathi kuye: “Unyoko, abafowenu, nawodadewenu bemi ngaphandle; bayakufuna.” Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?” Waqalaza ebuka ababehlezi bemngungile, wathi: “Niyabona-ke, nangu umame nabafowethu. Ngokuba noma ngubani owenza intando kaNkulunkulu, nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”
NgokukaMarku 3:22-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.” Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na? Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme. Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma. NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela. Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso. Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho, kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo. Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.” Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?” Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu. Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”
NgokukaMarku 3:22-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni. Wasebabizela kuye, wathi kubo ngemifanekiso: USathane angakhupha njani uSathane? Futhi uba umbuso uhlukene phakathi, lowombuso ungeme. Futhi uba indlu ihlukene phakathi, leyondlu ayinakuma; Futhi uma uSathane ezivukela yena, ehlukene, angema, kodwa uyaphela. Akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga; khona-ke uyakuphanga indlu yakhe. Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bazathethelelwa zonke izono lenhlamba loba yini abahlambaza ngayo; Kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele akanakuthethelelwa naphakade, kodwa ulecala lokulahlwa okuphakade; ngoba bathi: Unomoya ongcolileyo. Kwase kufika abafowabo nonina, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. Isixuku sasihlezi simzungezile, sathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu ngaphandle bayakufuna. Wasebaphendula wathi: Ngubani umame kumbe abafowethu? Wasethalaza ababehlezi bemphahlile, wathi: Khangelani umama labafowethu. Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”
NgokukaMarku 3:22-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)