Marku 3

3
Marku 3
1Wabuye wangena esinagogeni; kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabene.
2Basebemqaphela ukuthi uzamsilisa yini ngesabatha; ukuze bambeke icala.
3Wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma uye phakathi.”
4Wathi kubo: Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle kumbe okubi? ukusindisa impilo, kumbe ukubulala? Kodwa bathula.
5Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.
6Base bephuma abaFarisi, bahle bacebisana nabakaHerode ukuthi bangambulala kanjani.
7Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle;
8naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani; nangaseTire naseSidoni, isixuku esikhulu, sesizwile ukuthi kukhulu akwenzayo, seza kuye.
9Wasekhuluma kubafundi bakhe ukuthi umkhunjana umlinde ngenxa yexuku, hlezi bammpitshe.
10Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo.
11Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.
12Wasebalaya kakhulu ukuthi bangamenzi aziwe.
13Wasesenyukela entabeni, wabiza labo ayebathanda; beza kuye.
14Wasemisa abalitshumi lambili, ukuthi babe laye, lokuthi abathume ukuyatshumayela;
15nokuba namandla okwelapha izifo, nokukhipha amademoni;
16USimoni amqamba ngokuthi uPetru;
17noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; wabaqamba ngokuthi uBowanerges, okungukuthi, amadodana okuduma;
18noAndreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,
19NoJuda Iskariyothe owamkhaphelayo, bangena endlini.
20Isixuku sabuye sabuthana, baze bahluleka ngisho nokudla isinkwa.
21Kwathi abangabakhe bekuzwa baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi: Uyahlanya.
22Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.
23Wasebabizela kuye, wathi kubo ngemifanekiso: USathane angakhupha njani uSathane?
24Futhi uba umbuso uhlukene phakathi, lowombuso ungeme.
25Futhi uba indlu ihlukene phakathi, leyondlu ayinakuma;
26Futhi uma uSathane ezivukela yena, ehlukene, angema, kodwa uyaphela.
27Akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga; khona-ke uyakuphanga indlu yakhe.
28Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bazathethelelwa zonke izono lenhlamba loba yini abahlambaza ngayo;
29Kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele akanakuthethelelwa naphakade, kodwa ulecala lokulahlwa okuphakade;
30ngoba bathi: Unomoya ongcolileyo.
31Kwase kufika abafowabo nonina, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza.
32Isixuku sasihlezi simzungezile, sathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu ngaphandle bayakufuna.
33Wasebaphendula wathi: Ngubani umame kumbe abafowethu?
34Wasethalaza ababehlezi bemphahlile, wathi: Khangelani umama labafowethu.
35Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

Okuqokiwe okwamanje:

Marku 3: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo