Marku 2

2
Marku 2
1Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.
2Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.
3Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane.
4Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi.
5UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Ndodana, uthethelelwe izono zakho.”
6Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi:
7“Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”
8UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?
9Yikuphi okulula ukuthi kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe,’ na?
10Kodwa ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” esho kofe uhlangothi.
11Ngithi kuwe: Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.
12Wasesukuma masinyane, wathatha uhlaka, waphuma phambi kwabo bonke; baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Kasizange sikubone okunje.
13Wabuye waphuma waya ngaselwandle; ixuku lonke laselisiza kuye, wabafundisa.
14Esadlula, wabona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele. Wasukuma wamlandela.
15Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, nabathelisi abaningi nezoni babehlezi noJesu nabafundi bakhe, ngokuba babebaningi, bamlandela.
16Kwathi ababhali labaFarisi bembona esidla labathelisi lezoni, bathi kubafundi bakhe: Kungani esidla lokusela labathelisi lezoni?
17UJesu ekuzwa wathi kubo: “Abaphilayo abamdingi umelaphi, kodwa abagulayo kuphela.
18Kepha abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi babezila ukudla, beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla, kepha abafundi bakho abazili na?
19UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangazila yini ukudla, umyeni esenabo na? inqobo nje uma umyeni ekanye nabo, abanakuzila ukudla.
20Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.
21Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka.
22Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”
23Kwasekusithi edabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe baqala ukuhamba ukukha izikhwebu.
24AbaFarisi bathi kuye: “Bheka, benzani ngesabatha okungavunyelwe na?
25Wathi kubo: “Anizange nifunde yini uDavida akwenzayo lapho eswele, elambile, yena nababe naye?
26Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye?
27Wasesithi kubo: Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu kasenzelwanga isabatha.
28Ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha.

Okuqokiwe okwamanje:

Marku 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo