NgokukaMakhu 2:18-22

NgokukaMakhu 2:18-22 ZUL20

Abafundi bakaJohane nababaFarisi babezila ukudla. Abathile baya kuJesu, bathi kuye: “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Kambe ikhetho lingazila yini umyeni esahlezi nalo na? Phinde neze, alisoze lazila uma umyeni esenalo. Kepha izinsuku ziyeza, lapho umyeni ezakususwa kulo; yilapho-ke lizakuzila ngalolo lusuku. Akekho othungela isichibi esingashukekile engutsheni endala, funa lokhu okusha okuchitshelwe ngakho kuklebhule lokhu okudala, bese kwanda ukuklebhuka. Akekho futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa liqhumise izimvaba, bese kuchitheka iwayini, nezimvaba ziqhekezeke. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”